Sabhejwa kanyekanye nomama wami sadliwa sobabili
Bathakathi basemini nasebusuku ngithi nami angishicilele nansi indaba yami, noma selinyuke kakhulu izinga lokubhala kodwa ngyathemba ukuth ngyowavusa amatende amaningi ingekho nenkomo ezodliwa.Ngiyibhungu nje elinemnyaka ewu24, yimina engimdala ekhaya kanti nesimo somnotho asisihle neze, kudliwa imbuya ngothi ngoba phela nekhehla selasishiya kunzima ngempela ikati lilala eziko. Sengineminyaka ngaqeda umatikuletsheni kodwa amatoho awavuki, kade ngangibekisa ngisho komakhelwane abatohozayo ukuthi makukhona abakuzwayo bangithinte. Lwafika usuku lwenhlahla, kwathi ngenye imini ngizihlalele ngingazelele lutho kwangena ucingo, Sandile awugibele uze eBay manje u Tracey ufuna umuntu ozomulungisela ingadi othembekile ngizokusendela umlayezo oshoyo ukuthi uzohamba kanjan uze ufike la, kwakungamazwi kamaNxumalo umakhelwane wam lawo. Ngavele ngageza ngashesha sengiphuthuma khona ukuthi bengaze bethole omunye umuntu, ngagibela ngaze ngafika kuwo amajalidi ase Birdswood, ngahlangatshezwa hhuye umaNx...